Izambane

Mayelana Wikipedia
Jump to navigation Jump to search
Umfanekiso wezambane

Izambane uhlobo lomfino omila phansi komhlabathi. Linekhasi elinsundu kodwa lona linombala omhlophe ngaphakathi. Lidliwa abantu kanye nezilwane. Izambane lidume kakhulu ngokuba yindawo yokutholakala kwamavithamina namaminerali ngobuningi bawo. Izambane elilodwa nje lilingene lingakunika imakhaneziyamu (Magnesium), esiza kakhulu ekuqiniseni ikakhulukazi amathambo; i-Ayoni (Iron) yona ingumqondisi wokuhanjiswa kwe-Oksijini (oxygen), isiza ukuba i-Oksijini ihambe ngokushesha futhi nangobuningi.

Izambane liphekwa ngezindlela ezahlukene. Lingabiliswa ngamanzi nosawoti, noma liphekwe nesitshyulu (stew) senyama, noma liphekwe ku-Ovini ngomlilo wawo.