Inqubomgomo Yobumfihlo ye-Mozilla

Sichaza ini ngokuthi "ulwazi lomuntu?"

Kithi, "ulwazi lomuntu" lusho ulwazi olukukhombayo, njengegama lakho noma ikheli le-imeyili.

Noma yiluphi ulwazi elingaphandle kwalokhu sithi "ulwazi okungelona lwamuntu."

Uma sigcina ulwazi lomuntu lakho nolwazi okungelona lomuntu, sizobheka kokubili njengolwazi lomuntu. Uma sisusa lonke ulwazi lomuntu kusuka kusethi yedatha bese olusele akulona ulwazi lomuntu.

Sulufunda kanjani ulwazi ngawe?

Sifunda ulwazi mayelana nawe uma:

  • Usinika ngqo (isb. Uma ukhetha ukusithumela imibiko yokusaphazeka):
  • siluqoqa ngokuzenzakalelayo ngemikhiqizo namasevisi wethu (isb. uma isiphequluli sakho se-Firefox sihlola nathi ukubona ukuthi ingabe sisesikhathini samanje);
  • othile asitshela ulwazi ngawe (isb. uma i-Thunderbird isebenza nabahlinzeki bakho be-imeyili ukusetha i-akhawunti yakho); noma
  • uma sizama ukuqonda kakhulu ngawe ngokususela kulwazi osinike lona (isb. uma sisebenzisa ikheli lakho le-IP ukwenza ngezifiso ulimi kweminye yemikhiqizo yethu).

Senza ini ngolwazi lwakho uma siluthola?

Uma usinika ulwazi, sizolusebenzisa ngezindlela osinike ngazo imvume. Ngokuvamile, sisebenzisa ulwazi lwakho ukusisiza ukukuhlinzeka nokukuthuthukisela imikhiqizo namasevisi wethu.

Kunini lapho sabelana khona ngolwazi lwakho?

  • Uma sicele futhi sathola imvume yakho yokwabelana ngalo.
  • Ngokucubungula noma ukuhlinzeka imikhiqizo namasevisi kuwe, kodwa uma nje labo abathola ulwazi lwakho bavumelekile ukuphatha idatha ngezindlela ezivunywe i-Mozilla.
  • Uma sigcwalisa umthetho wethu wokuvuleka. Kwesinye isikhathi sikhipha ulwazi ukwenza imikhiqizo yethu ukuthi ibengcono futhi iphoqelela iwebhu evulekile, kodwa uma senza kanjalo, sizokhipha ulwazi lwakho futhi sizame ukuliveza ngendlela enciphisa ubungozi bakho bokubonakala futhi.
  • Uma umthetho uludinga. Silandela umthetho noma kunini uma sithola izicelo mayelana nawe kusuka kuhulumeni noma okuhlobene nomthetho. Sizokwazisa uma sicelwa ukunika ulwazi lwakho ngale ndlela ngaphandle kokuthi sinqatshelwe ngokomthetho ukwenza kanjalo. Uma sithola izicelo ezifana nalezi, sizokhipha kuphela ulwazi lwakho uma sethemba kahle ukuthu umthethi udinga ukuthi senze kanjalo. Ayikho into kule nqubomgomo ehloselwe ukukhawulela ukuvikela komthetho noma isiphikiso ongahle ube naso kusicelo senkampani yangaphandle ukuveza ulwazi lwakho.
  • Uma sikholwa ukuthi kubalulekile ukuvikela ukulimala kuwe noma omunye. Sizokwabelana kuphela ngolwazi lwakho ngale ndlela uma sethemba kahle ukuthi kubalulekile ukuvikela amalungelo, impahla noma ukuphepha kwakho, abanye abasebenzisi bethu, i-Mozilla noma umphakathi.
  • Uma isakhiwo sethu senhlangano noma isimo sishintsha (uma sihlela kabusha, sithathwa, noma silahlekelwa yizimali) singadlulisela ulwazi lakho kophumelele noma ongenile.

Silugcina futhi siluvikele kanjani ulwazi lwakho?

Sibophezelekile ekuvikeleni ulwazi lwakho uma silutholile. Sisebenzisa izilinganiso zokuphepha zomzimba, zebhizinisi nezokusebenza. Ngaphandle kwemizamo yethu, uma sithola ukuvuza, sizokwazisa ukuze uthathe izinyathelo ezifanele.

Futhi asifuni ukuthi ulwazi lwakho ukwedlula isikhathi esiludinga ngalo, ngakho-ke silugcina kuphela isikhathi eside ngokwanele ukwenza lokho esiluqoqele khona. Uma singasalidingi, sithatha izinyathelo ukulilahla ngaphandle kokuthi kudingeka ngokomthetho ukuligcina.

Yini okunye okufanele ukwazi?

Siyinhlangano yomhlaba jikelele futhi amakhompyutha wethu asezindaweni ezimbalwa ezahlukahlukene emhlabeni. Futhi sisebenzisa abahlinzeki ngesevisi amakhompyutha wabo angahle abe semazweni ahlukahlukene. Lokhu kusho ukuthi ulwazi lwakho lungagcina lukwenye yalawo makhompyutha kwelinye ilizwe, futhi lelo lizwe lingahle libe neleveli ehlukile yomthetho wokuvikela idatha kunelizwe lakho. Ngokusinika ulwazi, uyavumelana nalolu hlobo lokwedlulisela lolwazi lwakho. Noma yiliphi izwe lapho ulwazi lwakho lukhona, sithobelana nomthetho osebenzayo futhi sizobambelela kuzibopho esizenzayo kule nqubomgomo yobumfihlo.

Uma ungaphansi kuka-13, asilufuni ulwazi lwakho, futhi akufanele usinike lona. Uma ungumzali futhi ukholwa ukuthi ingane yakho engaphansi kuka-13 isinike ulwazi layo, sicela uxhumane nathi ukuze sisuse ulwazi lwengane yakho.

Kuzokwenzeka ini uma sishintsha le nqubomgomo yobumfihlo noma ezinyezezaziso zethu zobumfihlo?

Singadinga ukushintsha le nqubomgomo nezaziso zethu. Izibuyekezo zizothunyelwa ku-inthanethi. Uma izinguquko zizinkulu, sizothula isibuyekezo ngamashaneli wethu avamile we-Mozilla ngalezo zethulo njengamaposi webhulogi nezinkundla. Ukusebenzisa kwakho ngokuqhubeka kwemikhiqizo namasevisi wethu ngemva kosuku lokuqalisa lezo zinguquko kuhlanganisa ukwamukela kwakho lezi zinguquko. Ukuze senze ukubuyeza kwakho kube lusizo, sizothumela usuku lokuqala ukusebenza phezulu ekhasini.

Contact Mozilla

If you want to make a correction to your information, or you have any questions about our privacy policies, please get in touch with:

Mozilla Corporation
Attn: Mozilla - Privacy
2 Harrison St., # 175,
San Francisco, CA 94105
USA
[email protected]

See here for Data Subject Access Requests. If you are under 13, we don’t want your personal information, and you must not provide it to us. If you are a parent and believe that your child who is under 13 has provided us with personal information, please contact us to have your child’s information removed.

For product support requests, please visit our forums.