Yeqela kokuqukethwe
Ikhethelo le-Luxury Retreats manje sekuyi-Airbnb Luxe—enikeza ngamakhaya aseqophelweni eliphezulu kakhulu emhlabeni nezinga eliphezulu kakhulu lesevisi.
Amakhaya ahlaba umxhwele kakhulu emhlabeni
Uhlobo lwamakhaya ahlanzeke ngempela, ahlotshiswe ngobuchwepheshe ngezinsiza ezisezingeni eliphezulu, amasevisi, nabahleli bohambo abazinikele.
Umehluko we-Airbnb Luxe
Kuhlelwe ngobunyoninco
Amakhaya akhipha unyawo anezindawo zangaphakathi ezihlotshiswe ngezinga eliphezulu.
Amasevisi kanokusho
Ihlonyiswe ngokugcwele ukuba ihlangabezane nezidingo zakho, inendawo evuleke ngokwanele kanye nokukunikeza ubumfihlo.
Imininingwane yohambo ehlelwe ngendlela oyifunayo
Umhleli wakho wohambo angahlela yonke imininingwane futhi aqinisekise ukuthi konke kumi ngomumo.
Ukuhlola izici ezingu-300+
Indlu ngayinye iqinisekiswa ukuthi ihlanzeke ngempela futhi igcinwa isesimweni esisezingeni eliphakeme kakhulu.
Ukufika okungenazihibe
Ukulandwa kwangasese esikhumulweni sezindiza, ukwamukelwa ngumuntu mathupha nekhaya elinakho konke ngezinye zezengezo zethu ezifakiwe.
Amasevisi aqondene nomuntu
Kusuka kubapheki abaqondene nawe kuye kwabelapha ngokubhucunga umzimba, iqembu longoti bendawo linawe.

Ezinye izindawo ezithandwayo

Uhambo oluhlelwe ngokwezifiso zomuntu
Lapho ubhukha ikhaya le-Airbnb Luxe, uxhunyaniswa nomhleli wohambo ozinikele olungele ukuhlela ukuhlala kwakho kwezinga lezinkanyezi ezinhlanu.
Umpheki
Umshayeli
Ukuqashiswa kwemishini
Ukunakekelwa kwezingane
Isisebenzi sasendlini
Ukubhucunga umzimba

Izindawo Zokuvakashelwa Ezithe Xaxa ze-Airbnb Luxe

South Pacific